Igama lesayensi luka-Jundumlahleni ngu-Curtisia dentata. Lesihlahla asisona esejwayelekile - siyisona sodwa emndenini waso wezitshalo, i-Curtisiaceae, engakadala ibiye ibalwe ngaphansi komndeni i-Cornaceae ("dogwood"). Sitholakala eNingizimu Afrika.
Jundumlahleni muthi uxosha imimoya, ususa isidina, ususa isinyama uyawusebenzisa lapho waboshwa, waphuphunyelwa isisu, wadlwengulwa, washonelwa. Futhi uxosha izilwane esikuhluphayo, uyelapha umeqo. Uyathakwa emithini yokuchela. Uyasiza futhi uma ugula uphethwe yisisu uyawuphuza, kanye njengomuthi wokucupha ithuna/isidumbu. Elinye igama lalo umlahleni, noma mlahlenisefile.
Isikhafulo esiwumeqo, lesi isikhafulo ophalaza ngazo bese ubiza igama lomuthi lapho ezohamba khona, uma eke weqa ziyakhala.
Uhlushwa maphupho amabi noma usushise izintunyiselo,,, JUNDU MLAHLENI,,, gaya ube yimpumphu ubilise u half a cup yamanzi ne half a teaspoon yalomuthi phuza ukhafule kusashisa ixoshe imimoya,,,, thatha lomunye ogayiwe u JUNDU MLAHLENI ukhothe into incane nje bese uyalala......
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |